ukuqoqela ndawonye — isiZulu

Incazelo ebanzi yokusabalala kwezinto ezithile endaweni ethile. Emzamweni wazo wokuchaza ukusabalala kwezinto ezithile endaweni ethile, izazi zejografi zidweba ibalazwe lendawo okuzokwenziwa kuyona ucwaningo bese zibonisa indawo ephelele okungenzeka kusabalale kuyona into ethile endaweni ethile okwenziwa kuyona ucwaningo. Lokhu kufana nokusebenzisa isisefo esinezimbobo ezinkulu kakhulu ngenhloso yokuhlukanisa ngokuhlunga izinhlayiya ezinkulu kwezincane engqumbini yezimvithi zamatshe (bheka i-“weathering” kanye ne-“mass wasting”). Zonke izinhlayiya ezinobukhulu obungaphezu kwenhlayiya yesihlabathi ziyahlukaniswa, zisuswe engqumbini yezimvithi, kodwa-ke noma kunjalo siyazi ukuthi kule ngqumbi yezimvithi esele, ubukhulu bezinhlayiya busalokhu bunokungalingani okukhulu. Ukwenza nje isibonelo, emfanekisweni singadweba ibalazwe elinemininingwane ebanzi yokusabalala komcebo edolobheni elithile. Okokuqala, siqoqela ndawonye zonke izindlu ezibiza inani elingaphezu kuka-R1 million. Izindawo lapho kwakhiwe khona lezi zindlu ziyaklanywa noma zihlukaniswe ngokucacile ebalazweni. Kungenzeka sithole inani elincane lezindawo ezinjalo (mhlawumbe izindawo ezintathu noma ezine). Ngale ndlela yokuqoqela ndawonye sikwazile ukukhiqiza ibalazwe elibonisa ukusabalala komcebo edolobheni. Kodwa-ke siyazi ukuthi ezinye zezindlu kulezo zindawo eziklanyiwe zibiza u-R10 million, ezinye zibiza u-R5 million futhi kunezinye ezibiza u-R1 million noma u-R2 million nje kuphela, futhi kukhona ngisho nezinye izindlu ezingafiki ku-R1 million ngokwenani. Esikwenzile empeleni lapha wukuqoqela ndawonye idatha (imininingo) yazo zonke izindlu ezibiza imali enkulu ezakhiwe kuleli dolobha, ngenhloso yokuthola isithombe esibanzi sokusabalala komcebo ngokwezindawo okuhlala kuzona abantu. Uma sifuna ukuhlaziya le ndawo ngokujulile, kufanele sihlukanise imininingo yezindawo zabantu “abacebile” abahlala kuleli dolobha, futhi lokhu singakwenza ngokuthi siqhubeke nokuhlunga. Ukwenza lokho-ke sisebenzisa iqoqwana lemigomo yokucubungula ngokujulile (isibonelo, njengeqoqwana lezisefo ezinezimbobo ezincane) bese sihlukanisa lezo zindlu ezibiza imali engaphezu kuka-R10 million kulezo ezibiza imali ephakathi kuka-R8 million no-R9,9 million, njalo njalo. Imininingo yezindawo ezintathu noma ezine ezinhlonzwe ekuqaleni iyahlakazwa bese kwakhiwa inani elikhudlwana lezindawo ezincane. Ngale ndlela siyakwazi ukudweba ibalazwe elinemininingo ejulile futhi umfanekiso wethu obonisa ukusabalala kwezindawo zabantu abacebile usinikeza ulwazi olujulile uma kuqhathaniswa nebalazwe elidwetshwe kusetshenziswa idatha eqoqelwe ndawonye. Kusetshenziswa indlela efana ncamashi nalena echazwe lapha ngenhla ukuhlunga nokuhlaziya zonke izinhlobo zedatha ephathelene nesimo sezindawo zokuhlalisa abantu, isibonelo, ukusabalala kwezinhlobo zezitshalo, ukuba khona kwamabhobe (sinkholes) endaweni, ukusabalala kwamaxhaphozi (wetlands), ukusabalala kwabantu abadabuka emazweni angaphandle (foreigners) , njalo njalo. (Bheka i-“disaggregation”.)