ukuqapha imvelo — isiZulu

Zonke izindlela zokubheka, ukukala, ukubuka, ukuhlola kanye nazo zonke ezinye izindlela zokuqoqa idatha ezisetshenziselwa ukuhlola umthelela kwimvelo, kukho konke okuphathelene nomklamo noma umsebenzi ogunyaziwe ngaphansi kwemithetho yezemvelo yelizwe elithile (bheka i-“environmental auditing”). Idatha iyadingeka ukuze isiphathimandla sezemvelo sikwazi ukuhlola indlela oqhuba ngayo umklamo noma umsebenzi othile mayelana nokuphathwa kwemvelo, kanye nokuthola ukuthi ingabe umnikazi noma umthuthukisi noma inkampani elawulayo iyayithobela yini imigomo nemibandela yohlelo lokuphathwa kwemvelo. Idatha edingekayo iqoqwa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene, futhi le nqubo ibizwa ngenqubo yokuqapha imvelo. Ngokususela kule datha eqoqiwe, isiphathimandla sezemvelo singenza ucwaningo lokuhlola umthelela kwimvelo (environmental auditing) oluhlinzekeliwe emithethweni yezemvelo. Njengesibonelo sendima edlalwa wukuqapha imvelo ekuphathweni kwemvelo, lapha singabala ukuphathwa kwama-limestone caves. Kuma-limestone caves avulelekile emphakathini futhi ayingxenye yezindawo ezithandwa kakhulu eziheha abavakashi (njengemigede etholakala e-Cradle of Humankind world heritage site), ahlolwa ngokuqhubekayo amazinga esikhutha se-carbon dioxide (CO2) emoyeni otholakala ngaphakathi emgedeni. Abavakashi bakhipha isikhutha i-CO2 futhi i-limestone iyancibilika emanzini agcwele i-CO2 (empeleni okuyi-carbonic acid engashubile). Lokhu kungasheshisa ukukhumuzeka komgede futhi kungenzeka kucekeleke phansi ngisho nezinto ezithile ezibucayi eziyingxenye yomgede. Ukucekeleka phansi kwale migede kungaba nomthelela omubi ekuhehweni kwabavakashi kule ndawo (bheka i-“destination” kanye ne-“environmental potential”) futhi kubeke engcupheni nesimo sokwamukelwa ngokusemthethweni kwale ndawo njengesizinda samagugu omhlaba.