ukuhlolwa komthelela kwimvelo — isiZulu

Ithuluzi lokuphatha nokulawula elenzelwe ukuhlola ukusebenza kwenkampani, inhlangano noma umsebenzi wokwakha othile ophathelene nezemvelo. Lokhu kuwukuhlola ukuthi ihamba kahle yini imizamo yokunciphisa umthelela womsebenzi wokwakha noma wezenzo zabantu. Ngokomthetho wemvelo wamazwe amaningi asethuthukile kanye nalawo asathuthuka, kumele kutholakale imvume esemthethweni (esikhathini esiningi ebizwa “ngokuvumela”) ngaphambi kokuba kuqaliswe noma yimuphi umklamo wentuthuko noma umsebenzi othile okungenzeka ube nomthelela omkhulu kwimvelo. Uma isitholakele imvume yokwenza umklamo noma umsebenzi ohlongozwayo, uhlelo lokuphathwa kwemvelo (EMP) oluqukethwe emibhalweni yesicelo somklamo luba yinkontileka esemthethweni eyisibopho kumhlongozi womklamo noma umthuthukisi wendawo, sokuthobela imibandela ebekiwe kanye nezinyathelo zokunciphisa umthelela kwimvelo okumele kuqhutshwe ngaphansi kwazo umsebenzi ohlongozwayo. Ukuhlolwa komthelela kwimvelo yinqubo yokuhlola ukuthi umklamo noma umsebenzi wokuthuthukisa indawo ethile uyithobela ngokweqiniso kangakanani imibandela yohlelo lokuphathwa kwemvelo. Lokhu kubadakanya ukuqapha nokuhlola ngokuqhubekayo (bheka i-“environmental monitoring”) okwenziwa yisiphathimandla esinegunya nolwazi lomsebenzi olunzulu ngenhloso yokubheka ukuthi kuqhutshwa ngendlela efanele yini mayelana nokunakekelwa kwemvelo kulowo mklamo onikezwe imvume yokusebenza, okungaba yimayini, umgwaqo, isiqiwu, imboni, indawo kanokusho yabantu abadla izambane likapondo enamakhaya abantu akhelene nenkundla yegalofu (golf estate) kanye nanoma yimuphi umsebenzi ongaphansi komthetho wemvelo walelo lizwe elithile okukhulunywa ngalo. Qaphela ukuthi empeleni ukuhlolwa komthelela kwimvelo akulona uphenyo noma ukuhlolwa kwemvelo. Ukuhlolwa komthelela kwimvelo kuchaza inqubo yokuhlola ukuthi uqhutshwa ngendlela ebhekelela imvelo yini umsebenzi wokuthuthukisa indawo ethile, okungukuthi, ingabe umnikazi noma umthuthukisi womklamo ululandela ngendlela efanele yini uhlelo lokuphathwa kwemvelo oluqondene nomklamo wokuthuthukiswa kwendawo ethile futhi uyayenza yini imizamo yokunciphisa umthelela walo mklamo kwimvelo. Umklamo onjenge-Cradle of Humankind world heritage site kungenzeka ube nomthelela omkhulu futhi ongayikhahlameza kakhulu imvelo obangelwa wukugcwala kwabantu, indle, imigwaqo, udoti nemfucuza, izikhungo zokuhlinzekela abavakashi, ukuphazamiseka kwazo zonke izinqubo zemvelo kanye nokucekeleka phansi ngokuphelele kwendawo yezilwane nezitshalo ezithile (bheka i-“ecological footprint”). Ngenxa yalokho-ke, ngaphambi kokuba kuqaliswe umsebenzi wokusungulwa noma wokuthuthukiswa kwendawo ethile kumele kuvunyelwane ngohlelo olubanzi lokuphathwa kwemvelo (EMP) oluzolawula ukusungulwa nokuqhutshwa komsebenzi wonkana wokuthuthukiswa kwendawo. Umnyango okhiphe imvume (maqondana ne-Cradle of Humankind world heritage site, umnyango okhiphe imvume wuMnyango Kazwelonke Wezemvelo waseNingizimu Afrika) uyobe usuba nesibopho sokuthi uhlole isizinda esithuthukiswayo futhi uhlole ukuthi umsebenzi wokuthuthukisa leyo ndawo uyibhekelela kahle kangakanani imvelo, nokuthi ithotshelwa ngokuphelele yini imigomo nemibandela ye-EMP. Kodwa-ke, ekugcineni izizinda zamagugu omhlaba zingaphansi kwegunya le-UNESCO, futhi le nhlangano iyazihlola ngezikhathi ezithile izizinda ezingaphansi kwayo futhi uma isizinda esithile singaphathwa ngendlela efanele kungenzeka lihloxiswe igunya laso lokuhlonishwa nokwamukelwa ngokusemthethweni njengesizinda samagugu omhlaba.